Skip to product information
1 of 1

Grade 7-9 CAPS Approved Titles (Home Language)

Inhlamvu Yelanga

Inhlamvu Yelanga

Regular price R 79.53 ZAR
Regular price Sale price R 79.53 ZAR
Sale Sold out
Tax included.

Le ndaba iveza izingqinamba intsha ebhekana nazo ezenza ihluleke ukuthatha izinqumo eziphusile eziyoholela kweliqhakazile ikusasa. Okufaka kuzo ingcindezi yokubhekana nezinselelo zempilo ezidalwa ukuhlobana nabangani abangalungile, ukudliwa kwezidakamizwa nokuzibandakanya kubugebengu obugcina ngokuthi kubekhona abafayo nababoshwayo nokulimala kanzima. Ukhona-ke omunye umlingiswa othi
esengene shi kulezi zinselelo asizakale aphume engatholanga nomncane umyocu. Umlingiswa omkhulu kuleli noveli uPhefeni unenkinga yokungakwazi ukuhlukanisa phakathi komngani omholela ophathe nalowo oyisihlonti sobuntu nempumelelo.

Esikhathini sanamuhla imfundo iyisikhali senkululeko, hhayi kwezepolitiki kuphela kodwa nakwezomnotho eziseseyinselelo enkulu esizweni esimpisholo. Kule ndaba kugqanyiswa kakhulu ubuvila bokucabanga obuyisitha esikhulu esiphandle ubuchopho bugcine buyendezela emaqeleni nasezingwadule zenhlupheko naphezu kokuthi abazali beyidlalile indima yokukhulisa izingane ngendlela efanele nokugqugquzela uthando lwemfundo.

UPhefeni uzithola ekuleyo ngcindezi kepha ukulimala kwakhe kwaba yisiqalo sokupheqeka kwekhasi Elisha empilweni yakhe. Zifundele le ndaba mfundi ukuze ukwazi ukuzihlaziyela indlela abalingiswa abasetshenziswe ngayo ukugqamisa nokuthuthukisa inhloso yendikimba yale ndaba nokuthi yisiphi isifundo esitholakala ekugcineni.

ISBN: 978-1-4305-3064-0

View full details