Skip to product information
1 of 1

Grade 7-9 CAPS Approved Titles (Home Language)

Ligeze Ngencokazi

Ligeze Ngencokazi

Regular price R 91.63 ZAR
Regular price Sale price R 91.63 ZAR
Sale Sold out
Tax included.

Lena yindaba egqamisa ubunzima izingane zamantombazane eziye zibhekane nabo, ukuthandana nabantu abadala ngenxa yokuhehwa ngemali, ukuphenduka izigqila zocansi nezidakamizwa okudalwa ukuhlobana nabangani abangalungile. Ukubhunguka kukaNomthandazo ekhaya ngenxa yale ngcindezi kufakela unina ukugula okugcina kumfake esibhedlela ikakhulu uma ezwa ngokufa kwentombazane etholakale ibulewe
emadlangaleni akwaNogada. Ukusukuma kukaThandazile ongudadewabo kaNomthandazo nabangani bakhe behlasela emzini womthumbi uNkanyamba kuyilapho kudaluleka khona lo mshophi wokuthandana kwezingane zenqawe eyodwa.

Le ngwijikhwebu yokutholakala kwendodana yolahleko uyise ashona ekhala ezimathonsi ngayo kuphenduka umunyu wokwethaba. Okunye okubalulekile yindima emqoka edlalwa ngothisha esikoleni ukuzama ukuhlahla indlela efanele noma kubukeka sengathi uphondo luyagoba kanti omunye kothisha uyimpisi egqoke isikhumba semvu kepha ukuyishaya emuva, ayishaye phambili kuyadaluleka ekugcineni.

ISBN: 978-1-4305-3065-7

View full details